Kwaba Mnyama Kukhanya , livre ebook

icon

244

pages

icon

English

icon

Ebooks

2020

Écrit par

Publié par

Lire un extrait
Lire un extrait

Obtenez un accès à la bibliothèque pour le consulter en ligne En savoir plus

Découvre YouScribe en t'inscrivant gratuitement

Je m'inscris

Découvre YouScribe en t'inscrivant gratuitement

Je m'inscris
icon

244

pages

icon

English

icon

Ebook

2020

Lire un extrait
Lire un extrait

Obtenez un accès à la bibliothèque pour le consulter en ligne En savoir plus

This book is about short stories and essays which talk about the social impact of Covid-19 and hard lockdown restrictions in South Africa. In iZulu the short stories and essays found in this book introduce us to the evolving and living conditions that people live in during the lockdown. The themes addressed in this book show the ways in which South Africans were affected due to the deplorable social conditions under the strict rules of the lockdown. The major themes addressed in this book, include among others, the challenges faced by the teachers and learners in schools, having to adopt to the new modes of teaching and learning (online teaching) and the issue of government disregarding the cultures, customs, beliefs, and traditions of Black people during the lockdown. The life experienced by the poor Black people is revealed in such a way that each writer writes about the background of the story built under this time of social crisis of the lockdown. Each author created his own place where the events took place in the story he invented and thereafter re-created the characters showing how they got along because of the situation of social pressure.
Voir icon arrow

Publié par

Date de parution

29 décembre 2020

Nombre de lectures

40

EAN13

9781928538226

Langue

English

Poids de l'ouvrage

5 Mo

Kwaba Mnyama Kukhanya:
Ukhuvethe Lwansondo N. S. Zulu (Umhleli)
1
Kwaba Mnyama Kukhanya:
Ukhuvethe Lwansondo
(There was glimmer in that darkness)
2
Okuqukethwe
Ikhasi
1.Isandulelo ……………………………………………………4
2.Amazwi okubonga …………………………………………..7
3.Umhlahlandlela ngale ncwadi ………………………….……8
4.Ligaya ngomunye umhlathiEvangeline Bonisiwe
Zungu…………………………………………………………..…..14
5.Akusensuku zatshwalaE.B. Maphumulo…………….......29
6.Isikhumba esimnyama senzeni?C.L. Zwane…………….41
7.Ukuvalwa kwezikhungo ngenxa yekhovidiThulebona
MaNgubo Shawe………………………………..…………77
8.Ukufundisaonlinengenxa yekhoronaThokozile Sithole-
Motloung…………………………………………………..……109
9.Inkokhelo yesonoAnele Maphumulo………………..….117
10.Bekumnandi ungekhoMthobisi Busane…………….......144
11.Ukhuvethe lwansondoMenzi Z. Thango……………..…162
12.Kumnyama kukhanyaC.L. Zwane………………….…..172
13.Uyoze abuye eCuba umntanamiN.S. Zulu………….......203
3
Isandulelo
Imibhalo iyashesha ukuveza umlando wezigameko ezifana nezobhubhane lokhuvethe, ikakhulukazi imibhalo evela emaphephandabeni. Ukuvela komlando ezincwadini zemibhalo kuncike ekushesheni noma ekucothozeni kokushicilelwa kwezincwadi. Umlando ophuma ezincwadini zomlando wona uhamba kancane impela ngoba okuthathwa ngokuthi ngumlando kuthatha igxathu elithize ukuze kubhalweezincwadini zomlando. Kusazoba iminyakana-ke ukubona okubhalwe ngokhuvethe ezincwadini zomlando. Noma kunjalo, okucishe kuhambe phambi kwemibhalo ngokushesha ukushicilelwa, komculo. Umculo ushesha ngokuthi ingoma iqanjwa manje ize ihlangane kungapholi maseko, liyashona ilanga, isivuthiwe, isiyaculwa.
Ukhuvethe lona, luthinte impilo yabantu abaningi kakhulungezindlela eziningana ezehlukahlekene. Leli bhuku libhalwe ngezindaba ezimfishane (short stories) nama-eseyi (essays) ngokuthinteka komphakathi ngenxa yesimo esibi senhlalo ngaphansi kwemigomo enzima ye-lockdownyokhuvethe.
Ngokuthinteka komphakathi isimo senhlalo embi ngenxa yokhuvethe, kubhale ababhali abasha nabamnkantshubomvu ngalesi simo. Izindikimba ababhale ngazo ebhukwini ziveza izindlela abantu baseMzansi abathinteka kabuhlungu ngazo ngenxa yesimo esibi senhlalo ngaphansi kwemigomo elikhuni ye-lockdown yekhorona. Lokho kuphila kabuhlungu kuvezwa ngendlela yokuthi umbhali ngamunye ubhala ngesizinda sendaba
4
yakhe ngaphansi kwalesi sikhathi sokuxakeka senhlalo ye-lockdownyekhorona. Umbhali uzakhela indawo lapho izigameko zendaba aziqambele zona zenzeka khona, aphinde azakhele abalingiswa abonisa ukuthi bahlalisene kanjani ngenxa yesimo sengcindezi yenhlalo yekhorona. Isimo esibi senhlalo yekhorona singena kunoma yisiphi isizinda umbhali azakhele sona, ngoba zonke izigameko zenzeka ngaleso sikhathi se-lockdownyekhorona.
Abaveza imibono yabo kuma-eseyi nabo baphawula ngabakubona kwenzeka ngaphansi kwesimo sezinkinga zemigomo ye-lockdownImibono yabo nayo yekhorona. inesizinda, esinendawo enenkathi yesimo senhlalo esiphansi kwemigomo ye-lockdownyekhorona.
Ukuvela kwe-Covid 19, kunonise isiZulu kakhudlwana ngoba kwavela amagama amathathu asetshenziswa kabanzi ezindaweni ezinesiZulu: ukhuvethe, ikhorona, ikhovidi. Isilo samaBandla Onke kaZulu sizwakala sizebenzisa igama ‘ukhuvethe’. Kunjalo nasezindaweni ezingaphasheya koThukela uma usuka eThekwini uya kwaNongoma. Nasemisakazweni yolimi lwesiZulu kusebenza kakhuluigama ‘ukhuvethe’, kanjalo nasemaphephandabeni esiZulu.
Baningi nokho abakhuluma isiZulu abasebenzisa igama, ikhorona’, babembalwa abasebenzisa igama, ‘ikhovidi’.Kuyezwakala ukuthi abathi, ‘ukhuvethe’ noma ‘ikhovidi’, bahumusha u-covid 19’, kanti labo abathi,‘ikhorona’, bona bahumusha i-corona virus’.
5
Okuhle ngalokhu kusebenza kwala magama amathathu emphakathini, kuphikisa lokhu okulokhu kwashiyo abathize ukuthi izilimi zabomdabu azikwazi ukusho osekushiwo yisiNgisi. Ziyakwazi. Kuzokhunjulwa ukuthi nayo ikhorona leyo, sekuyaziwa manje ukuthi ayiqubukanga emaNgisini. Nawo amaNgisi azifunela igama lesiNgisi, labhebhetheka nayo.
Kule ncwadi, kudedelwe ukusetshenjiswa amathathu: ukhuvethe, ikhorona, ikhovidi.
Thokozela ukufunda lezi zindaba.
Ngu:N.S. Zulu
Umhleli
6
kwala magama
Amazwi okubonga
Ngithanda ukubonga uMvelinqangi, uMdali weZulu noMhlaba ngokungihlanganisa nababhali abathe bavuma ukuphosa kulesi sivande. Mangiqale ngokubonga uSolwazi N.S. Zulu ngokuthi athi uma evusa le nyamazane, angibize nami engakayibambi ukuze sigijime ndawonye ngenhloso yokuyibamba. Ekugcineni, impela siyibambile le nyamazane ngoba sikwazile ukuthi sithole nabanye ozakwethu, okuthe nabo uma bezwa ikhwelo, baphuma, bananela kulo ikhwelo belu.
Kuzokhumbuleka ukuthi kulo nyaka wezi-2020, umhlaba wonke uhlaselwe yifu elimnyama. Isifo sombhedukazwe owusomqhele, esifike sabhuqa imizi yasala dengwane. Nokho, mangikusho ngingananazi ukuthi kukhona okuhle esikuzuzile ngokufika kwalolu bhubhane. Okokuqala, yisikhathi esanele sokuhlala emakhaya ukuze sikwazi ukubhala izindaba. Okwesibili, sikwazile ukuthola izihloko esingabhala ngazo ngenxa yokuthi ziningi izigameko ebezenzeka ngalesi sikhathi sobhubhane.
Ngifisa ukubonga bonke ababhali okuthe uma sikhipha isimemezelo sokubhalwa kwezindaba ngoKhuvethe, bavumela phezulu bathi, elethu. Amagama ababhali yilawa: E.B. Maphumulo; C.L. Zwane; Thulebona MaNgubo Shawe; Thokozile Sithole-Motloung; Dkt. Boni Zungu; Anele Maphumulo kanye noMthobisi Busane. Ngithi unwele olude, nina bakaPhunga noMageba! Ukwanda kwaliwa umthakathi! Ningadinwa nangomuso. Akwande! Ngu:Menzi Z. Thango
Umshicileli
7
I-eseyi
Umhlahlandlela ngale ncwadi
I-eseyi umbhalo ochaza into ethile ngendlela ecacile, kepha eveza umbono wombhali ngaleso sihloko sendaba abhala ngayo. Kulolu hlobo lombhalo, umbhali ukhululekile ukuphawula ngezinto axoxa ngazo e-eseyini yakhe ukusuka ekuqaleni ukuya ekugcineni kombhalo. Isibonelo: umbhali angatshela abafundi ukuthi kuhle ukuphuza utshwala njalo ntambama, bese eveza izizathu zalokho.
Ukubhalwa kwe-eseyi kwaziwa ngokuba nezigaba ezintathu ezibalulekile.Isingenisoukuba likhanda lendaba. esivama Isingesiso siveza indaba okuzophawulwa ngayo noma lokho okuzodingidwa. Ithi isuka nje i-eseyi ibe iveza isizinda kanye nenkinga yendaba ezodikidwa. Umzimba we-eseyi uveza umbono wombhali ngokuphele, bese kuthiisiphethosayo sisonge kahle indaba. Isigaba ngesigaba sinomusho oyinhloko, okuyiwo oyiphuzu elizodingidwa kuleso sigaba. Izigaba nemisho zinokuxhumana okunika umqondo ophelele nge-eseyi leyo.
I-eseyi ayiphithizeli, kodwa iqoqekile. Nasi ‘Ukhuvethe lwansondo’ ebhalwe nguM. Z. Thango.
isibonelo:
Isihloko: Isihloko se-eseyi sicacile, futhi kuyezwaka ukuthi sikhuluma ngenhlekelele, isifo esinganqandeki ukhuvethe.
Izigaba: Izigaba ze-eseyi zinomusho oyinhloko, ochaza lokho okuzodingidwa kuleyo ndima, njengakulo musho:“Okokuqala indaba yamasikoethu”. Le ndima idingida amasiko.
8
Abalingiswa: nokhuvethe.
Abalingiswa
Isizinda se-eseyi:
-Inkathi: Inkathi yekhorona.
ye-eseyi
be-eseyi
isimo
abantu,
esinzima
-Indawo: Indawo ye-eseyi yiNingizimu Afrika.
uhulumeni
se-lockdown
-Isimo:senhlalo echazwa yi-eseyi asisihle neze ngoba Isimo abantu bavalelwe ezindlini, imisebenzi yabo imile, izikole zivaliwe, abantu bayashona, ezinye izikhulu zikahulumeni zintshontsha yona le madlana okuthiwa ayisize kulesi simo sokhuvethe.
Izingqinamba:abalandeli imithetho kahulumeni, Abantu izikhulu zikahulumeni zikhetha amabala, zihlonipha amasiko abanye, zibe zidelela awabanye.
Isixazululo:imithetho kahulumeni kusalindwe Ukulandela ikhambi lo khuvethe.
Kunezinhlobo ezimbalwa ze-eseyi. I-eseyi elandayo (narrative essay): ichaza indaba ethize. Le eseyi ivama ukuba nesifundo ekugcineni. I-eseyi ngempilo yomuntu iveza imibono yakhe ngalokhu akushoyo ngaye. Kukhona ama-eseyi angama-athikili, amathisisi, amadisetheshini, njalonjalo. Wonke anemigomo nezindlela abhalwa ngazo.
Indaba emfishane
9
Voir icon more
Alternate Text